Covenant Protestant Reformed Church
Bookmark and Share
Ngiyakolwa kuNkulunkulu uYise umNinimandhla onke, UmEnzi wezulu nomhlaba:

NakuJesu Kristu inDodana yake eyodwa inKosi yetu, Owatatshatwa ngoMoya oy'iNgcwele, Wazalwa y'inTombi uMaria, Wahlupeka kuPontiu Pilatu, Wabetelwa esipambanweni, wafa, wabekwa elibeni, Wehla waya kwabapansi; Ngosuku lobutatu wabuya wavuka kwabafileyo, Wenyuka waya ezulwini, Usahlezi kona ngasekunene kuka Nkulunkulu uYise umNinimandhla onke; Uyakuvela kona ezokwahlulela abasekona nabafileyo.
 
Ngiyakolwa kuMoya oy'iNgcwele ; Nakulo iChurch elingewele eliKatolika; Nakuko ukuhlangana kwabangcwele; Nakuko ukutetelelwa kwezono; Nakuko ukuvuka kwomzimba; Nakuko ukupila okupakade. Amen.