Covenant Protestant Reformed Church
Bookmark and Share
Ngiyakolwa kuNkulunkulu Munye uYise umNinimandhla onke, umEnzi wezulu nomhlaba, nowako konke okubonakalayo nokungabonakaliyo.
 
Nakuyo inKosi inye uJesu Kristu, inDodana eyodwa ezelwe uNkulunkulu, izelwe uYise kungakabiko izikati zonke; inguNkulunkulu ivela kuNkulunkulu, ingukuKanya ivela kuko ukuKanya, inguNkulunkulu impela ivela kuNkulunkulu impela, Eyazalwa, engenziwanga, iSubstansi layo linye nelikaYise, Okwenziwa iyo konke: Eyehla ezulwini ngati tina abantu nangokusisindisa, Yenziwa inyama ngoMoya oy'iNgcwele kuyo inTombi uMaria, Yaba umuntu, Futi yabetelwa esipambanweni ngenxa yetu kuPontiu Pilatu, Yahlupeka, Yabekwa elibeni, Ngosuku lobutatu yabuya yavuka njengokulotshiweyo, yenyuka yaya ezulwini, Isahlezi kona ngasekunene kukaYise. Iyakupinda ize nobukosi ukwahlulela abasekona nabafileyo: Umbuso wayo suyikupela.
 
Ngiyakolwa nakuMoya oy'iNgcwele, oy'inKosi, opilisayo, Opuma kuYise nakunDodana, Obongwayo edunyiswa kanye noYise nenDodana, Owashumayela ngabaProfeti. Ngiyakolwa nakulo iChurch linye eliKatolika elab'Apostoli. Ngivuma umBapatizo munye wokutetelela izono, Ngibheka ukuvuka kwabafileyo, Nokupila kvvezikati ezizayo. Amen.